ABESIFAZANE BATHI AKEKHO OZOSHIWA EMUVA
SOMPISI NTULI
Abesifazane bahlanganyele e-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesine, emhlanganweni kazwelonke wenhlangano, Abesifazane eNingizimu Afrika Emisebenzini Yokwakha naseMkhakheni Wokwakhiwa Kwendawo (SAWIC & BE).
Lomhlangano ubanjwe ngaphansi kwesihloko esithi, ‘Akekho owesifazane ozoshiywa emuva'.
Ukukhula akufinyelele kubo bonke abesifazane.’
Bekugcwele abantu besifazane abayingxenye yomkhakha wezokwakha.
Abesifazane bebevela ezindaweni ezahlukahlukene kanti bebethola ulwazi ebebeliphakelwa izikhungo ezahlukahlukene, okubalwa kuzo uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnyango wezemiSebenzi yomphakathi nenhlangano, i-SAWIC & BE.
Abasuka kulezi zikhungo bathi kubalulekile ukuba kuxazululwe izinkinga abesifazane ababhekene nazo kule mboni.
“Silapha e-KZN ukuzobungaza abesifazane abasemkhakheni wezokwakha, sibungaza laba abaqavile, nalaba abasaqala kwezokwakha, kanjalo nodaba lwamantombazane amancane embonini yokwakha,” kuchaza uNomxolisi Moagi, onguSekela Mengameli.
Kuphinde kwakhulunywa ngezindlela ezingasetshenziswa ukuxazulula izingqinamba abesifazane ababhekene nazo, nokubuyekeza imizamo eyenziwe i-SAWIC & BE kusukela ekusungulweni kwayo ngonyaka ka-1997.
“Uma unika owesifazane amandla, unika umndeni nesizwe,” kusho iPhini likangqongqoshe wezoMnyango wezeMisebenzi uMnuz Sihle Zikalala.
“Sinohlelo olubizwa nge-Build Programme, esiluhola ngokusebenzisana ne CIDP, luhlelelwa kakhulu ukuthi lihlomulise abantu besifazane,” kusho uZikalala.
Abebehambele lomhlangano bazwakalise
imibono yabo ngezinguquko abafisa ukuzibona embonini yezokwakha.