ABE KABAWO PROJECTS BAPHISANE NGEMIFUNDAZE
IKabawo Projects ibambisene neHollywoodbets bakhiphe imifundaze kaR15 000 kubafundi abazoba kulesi sikhungo ngonyaka ozayo.
Lokhu kwenzeke namuhla khona esikhungweni esise Albert Street ngaseDiakoni, eThekwini.
Omunye wabaqondisi balesi sikhungo, uThandeka Zulu, engxoxweni abe nayo neNews Avenue uthe, abakwenzile ukuqoka umfundi oyedwa ezikoleni ezahlukene. "Bonke laba bafundi bazothola umfundaze wokuqhuba izifundo khona eKabawo Academy ngonyaka ozayo," kuchaza uThandeka.
Uthe ayikho imali ezoya kumfundi kodwa izobhekana nezidingo zesikole.
Lesi sikhungo sesikhiqize abantu abaningi okuhlanganisa abaculi kanjalo nabalingisi. Kulonyaka iKabawo igubha iminyaka engu-10.