ABE IEC BAKHATHAZEKILE NGENTSHA ENINGI ENGAKUBHALISELE UKUVOTA


LINDOKUHLE NGCOBO 

IKhomishana Yezokhetho eZimele i-IEC KwaZulu-Natal(KZN), iveze ukukhathazeka ngokungabhalisi kwentsha okhethweni lohulumeni basekhaya, okulindeleke ukuthi lube ngomhlaka 4 November 2026, naphezu kokwenyuka kwenani lababhalisile lafinyelela ku-93 224. 

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eWestville entshonalanga yeTheku izolo, oyiSikhulu sakwa-IEC eKZN uNkk Ntombifuthi Masinga, uthe abantu abaphakathi kweminyaka engu-18 no-29 ubudala, yibona abahamba phambili ngokungabhalisi, nesikhala esingu-68% ngokwemininingwane evela kuMnyango wezaseKhaya. 

"Bangaphezu kwezigidi ezingu-5 abantu abangakabhalisi. U-68% wentsha ayikabhalisi. Yingakho izikhangiso zethu zigxile kubo," kusho uMasinga. 

Ukubhalisela ukuvota kuzoqala kusasa, mhlaka-20 June, kuze kube ngeSonto. Isibalo samawadi eKZN senyuke kakhulu sisuka kuma-901 saya kuma-2 021. 

UMasinga uxwayise ngokuthi kulolu khetho, umvoti uzovota kuphela ewadini abhalise kulo. Unxuse abantu ukuthi bahlole isimo sabo, ohlwini lwe-IEC.