ABANTU BASE-MALAWI BAGCWELE ESAKHIWENI EMGUNGUNDLOVU
LINDOKUHLE NGCOBO
Isimo sibi esakhiweni esiseMayors Walk, eMgungundlovu, lapho abantu baseMalawi abangaphezulu kuka-1 600 behlala khona ngenkani.
Laba bantu bathi baphoqeleke ukuhlala kule ndawo ngoba abaphephile, emva kokuqina kwemikhankaso efuna ukuthi abantu bokufika ngokungekho emthethweni bahambe eNingizimu Afrika.
UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda usuxwayisile ukuthi isakhiwo asiphephile futhi asikulungele ukuhlala abantu abaningi kangaka.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli noMeya kaMasipala waseMsunduzi uKhansela Mzi Thebolla, bahlole isimo kule ndawo namhlanje.
UNtuli ugxeke kakhulu abantu abafuna ezokuthutha zamahhala ukubuyela emakhaya.
"Azikho izinto zokuthutha zamahhala. Abantu baseNingizimu Afrika nabo banezinkinga zabo. Osomabhizinisi kumele basize kodwa asikwazi ukuthwalisa izwe umthwalo onzima kangaka," kusho uNtuli.
Ugcizelele ukuthi le nkinga idinga ukubambisana phakathi kwamazwe ukuze ixazululeke.