ABANEME ABANTU NGENKULUMO KAMENGAMELI ETHINTA UMCHUNU


Sizwe Blose 

Abantu sebeveze ukungenami kwabo ezinkundleni zokuxhumana ngenkulumo eyenziwe uMengameli Cyril Ramaphosa izolo, wvakashele emahhovisi akwa SARS.

Umengameli uzwakale engumuntu ovikela uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu.

Yize seziphumile izincomo zeMadlanga Commission ngabanye abantu, ukuthi kumele bashushiswe. Kodwa uRamaphosa uthi, uMchunu uzoqhubeka neholo lakhe eliphelele phezu kwezinto okuthiwa umbandakanyeka kuzona, ezivezwe iKhomishana.

Abantu bakhala ngemali yabakhokhi bentela abathi ichithwa ngokuholela uMchunu, kunalabo abathi kumele umengameli amthathele izinyathelo uMchunu ngoba esebekuzwile sekwanele ukuthi angashushiswa njengabanye.

Umengameli umile kwelokuthi, uMchunu uzokwazi ukumthathela izinyathelo uma seyiwuqedile umsebenzi wayo iMadlanga Commission.