ABAKWA MKHWANAZI ABENEME NGESINQUMO YESILO
INKOSI uNtokozo Mkhwanazi yaseMtubatuba isiphumela obala, yaveza ukuthi ayihambisani nokuqokwa kukaMnumzane Ncube ukuba abe yiso lomhlaba waseDukuduku, eMtubatuba.
UMkhwanazi uqophe ividiyo lapho eveza khona ukuthi isizwe sakwaMkhwanazi sikhathazekile, ngemuva kokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini simemezele uNcube njengozoba yiso le ndawo yakwaDukuduku kuze koshaya ngasolwandle eSt Lucia.
"Besiyokhuluma lokho eNdlunkulu, engicabanga ukuthi sifike sakubeka kwacaca eNdlunkulu, ukuthi ukuba khona kweso leSilo asihambelani nakho ngoba isizwe sakwaMkhwanazi sineNkosi yaso.
"Sazi ukuthi Inkosi iyilona iso leSilo. Manje uma kukhona omunye umuntu obekwayo, sibe sesidideka ukuthi kanti Inkosi iyiso likabani. Sibheke zona izintaba zeNgonyama, siyiso layo iNgonyama, siphinde sibe izindlebe zayo iNgonyama. Ngeke sikuvume ukuthi kube khona iso leSilo endaweni yakwaMpukunyoni ngoba sinayo Inkosi ekhona. Awukho umbango eBukhosini bakwaMkhwanazi, Inkosi ibisahlezi kahle, " kuchaza Inkosi uMkhwanazi.
Khonamanjalo lolu daba lesizwe sakwaMkhwanazi noNcube selungenelelwe nanguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLit General Nhlanhla Mkhwanazi.
UGeneral Mkhwanazi unxuse abaKhwanazi ukuthi lolu daba balusingathe ngendlela enokuthula nesizotha. Lokhu kwenzeke esithangamini sabezindaba, izolo eMtubatuba ebesihanjelwe nawuBukhosi bakwaMkhwanazi, KwaDlangezwa.