ABAKWA JAC MOTORS SEBEPHUMELE OBALA NGEMOTO KA NGIZWE
LINDOKUHLE NGCOBO
SEKUVELE ukuthi uNgizwe Mchunu ozibiza ngoMengameli wamaBhica wazithengela imoto yakwa-JAC Motors ahamba ngayo.
Lokhu kuvezwe abaphathi bakwaJAC Motors South Africa & JAC Halfway, ngemuva kokuthi kube khona abazame ukuyoceba uMchunu kwaJAC befuna aphucwe le moto.
"Siyinkampani iJAC Motors South Africa and JAC Halfway asihlangani nombono kaNgizwe Mchunu ngoba ubudlelwano bobunxusa esasinabo baphela ngonyaka ka-2023," kubeka abakwaJAC esitatimendeni.
UNgizwe usematheni kulezi zinsuku, ngemuva kokuthuka abathandana nobulili obufanayo ezinkundleni zokuxhumana. Kulandela ukubonakala komshado wezinsizwa ezimbili, ebezishada ngenyanga edlule. Phakathi kwazo kukhona evunule ngemvunulo yabesilisa bakwaXhosa enye ivunule ngemvunulo yabesilisa bakwaZulu.