YINHLE KANTI FUTHI IYATHANDEKA ISUZUKI GRAND VITARA


SIZWE BLOSE

Kuleli sonto ngizithole ngihamba ngeSuzuki Grand Vitara. 

Okokuqala nje, yize kuyimoto yesimanjemanje kodwa engingakusho ukuthi ijwayelekile futhi iyathandeka.

Ngithi ijwayelekile ngoba okukuyona kuhambisana nezimoto zakudala. 

Uma ungena kuyona uhlangabezana ne handbrake hhayi le entsha kodwa le eyakudala. Akuthathi sikhathi ukubona indawo yokuyidumisa kodwa nakuyona akudingi ukuthi isikhiye usifake kwi-ignition.

Okuhle futhi uma uhlehla sikhona iscreen esikuvezelayo lapho uhlehlela khona, nokukwenza ungasabi ukuthi ungase ushayise.
Uma uhlezi ngemuva sewufuna ukugcwalisa ibattery  yefoni, awubi nenkinga ngoba kunezikhala ongazisebenzisa.

Ngokwami iyimoto yomndeni ikakhulu uma ungenawo umndeni omkhulu. Lokho kufakazelwa nayi boot yayo engeyinkulu kakhulu kodwa futhi uyakwazi ukuyothenga igilosa ngale moto kuncike ekutheni ingakanani.
Ngiwathande kakhulu ama lights alemoto, bheka isithombe.