UKWAZI UKUYIDONSISA NGAMASONDO AWU 4 ISUZUKI JIMNY
Isuzuki Jimny noma ngabe ubani uma ebona lemoto, uba nesifiso sokuyishayela. Kwenzeka okufanayo nakumina ngiyibona ishayelwa ngomunye wabahlobo bami naye othola ithuba lokushayela izimoto. Okuchaza khona ukuthi yafika kuqala kuyena.
Ngithe uma ngiyithola yavele yangishaya ngaphakathi. Yona incane kamnandi, ngiyithanda kakhulu uma ngizihambela ngedwa ngingafune kuphazamiseka, ngigxile kuyona nje kuphela. Uma ungena uhlala phansi kuvele kube sengathi uphezulu, ezinye izimoto uzibukela phansi kanti cha akunjalo.
Lempahla inezicamba ezingu 5 kamnandi. Ikona nje ukuthi iboot yayo incane. Yona isadunyiswa ngokhiye lo owufakayo, cha angikuthandanga lokho nokuthi ihandbrake kusayile endala. Kodwa ishaya ngaso iscreen sanamhlanje, esinakho konke kumbe esikuvezela konke ngemoto. Kodwa ke ngiyazi mina nawe sichazwa kakhulu ukuthi iyasivezela uma uhlehla, ukuze phela udlalele kude nokushayisa.
Uma ungumuntu obuye uphume uye ezindaweni engenalo itiyela, awubi nankinga uma uhamba ngeSuzuki Jimny ngoba odakeni uyakwazi ukusebenzisa igiya elincane eliyenza idonse ngawo wonke amasondo. Yona akuyona imoto engathatha abantu abangaphezulu kwabane njengoba ingavulekile nje.
Ngiyazi okuphambili manje nothada ukukwazi ukuthi iyimalini lemo. Ungayithola, ngoR439 900 kuya kuR489 900 iGLX automatic