UCELE UVUMA EYOKUHLALA ENDLINI KAMATLALA
LINDOKUHLE NGCOBO
SIYAQHUBEKA nokushuba isimo ngemuva kwezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. Kulandela ukuvela kokuthi owayenguNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele ubehlala endlini kaVusumuzi "CAT" Matlala eThe Capital Menlyn Main, ePitoli.
UCele utshele iNews24 ukuthi kuyiqiniso ukuthi ubehlala endlini kaMatlala kusukela ngoJanuary kuya ku-April walo nyaka.
"Sengihlale ezindaweni eziningi ePitoli. Yebo ngike ngahlala endlini kaMatlala kodwa asibona abangani," kusho uCele.
Esithangamini sabenzindaba ngeSonto uMkhwanazi wachaza uMatlala njengongqondongqondo wobugebengu obubucayi.
UMkhwanazi udalula ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Senzo Mchunu usebenzisana noMatlala ukuvimba umsebenzi wamaphoyisa. Wasola uMatlala ngokugwazela uMchunu ukuze kucishwe ubufakazi kwamanye amacala.
Khonamanje kuphinde kwavela izinsolo zokuthi izibhamu ezitholakale endlini kaMaMkhize kulo nyaka, ngezikaMatlala.