KUXWAYISWA OSOMABIZINISI NGOKUBOLEKISA NGEZINKAMPANI
KUKHUZWA umkhuba wosomabhizinisi wokubolekisa ngezitifiketi zezinkampani zabo. Lo mkhuba uvezwe obala uMeya waseRay Nkonyeni uKhansela Zodwa Mzindle emcimbini wezindondo zosomabhizinisi abancane, iThe Next Billionaire Business Awards 2025, obuse-Ugu Sports & Leisure Centre izolo.
Ekhuluma kulo mcimbi uMeya Mzindle uthe uzizwile izikhalo zosomabhizinisi abadinga uxhaso ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa kwamabhizinisi endawo(LED).
"Kubalulekile ukuthi ngixwayise osomabhizinisi, ukuthi abayeke ukuboleka abangani babo izitefiketi zezinkampani zabo. Uthole ukuthi umuntu usebenzisa isitifiketi senye inkampani ukufaka isicelo kaMasipala bese umnikazi wenkampani egcine esenenkinga," kubeka uMzindle.
Ephetha ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi babeneqiniso uma befake izicelo kuMasipala. Waveza ukuthi sikhona isabelomali sokuxhasa osomabhizinisi.
Lo mcimbi uhlelwe uNksz uLungile Mbili wenkampani uMlando Creatives ngokubambisana noMasipala uRay Nkonyeni.