KUSHENZE ILUNGU ELIQAVILE LE-ANC
Useqome ukushenxa emisebenzini ethinta inhlangano yakhe (ANC) uDkt Malusi Gigaba. Kanti uzophinde ashenxe nasekubeni ilungu lephalamende, ungusihlalo wekomiti lezokuvikela nakhona uzoshenxa futhi.
Lokhu kulandela inkohlakalo ebeyenzeka kwaTransnet ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni.
Nanhlanje ubevele enkantolo kanti i-ANC yazibekela umthetho wokuthi labo abangamalungu alenhlangano ahamba amacala kumele bashenxe ezikhundleni abakuzona.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGigaba obebuye ahlanganiswe nomndeni wakwaGupta owaphuma ngesamagundane kuleli ngenxa yenkohlakalo ulilungu lesigungu esiphezulu se-ANC.
UGigaba kuzomele abhekane nezinkinga zakhe, uma etholakala emsulwa, uzobe esebuyela ekusebenzeleni inhlangano kube sekuya ngokuthi imjuba kuphi.