KUBOSHWE ABATHOLAKALE NEMITHI YASEMAKHEMISI
LINDOKUHLE NGCOBO
Kuboshwe abasolwa abane ngecala lokubanjwa nemithi entshontshiwe noma ukugwazela amaphoyisa. Laba basolwa okubalwa kubo abesilisa ababili baseZimbabwe nababili baseNingizimu Afrika, baboshwe ngaphoyisa omgwaqo behamba ngemoto eMasisi, esifundazweni iLimpopo izolo.
Kuvela ukuthi ngesikhathi kuseshwa le moto, kutholakale imithi eminingi ebalulekile ehlanganisa isiraphu yokukhwehlela (cough syrup), ebiphethwe ngendlela engekho emthethweni futhi ingenazo izincwadi zezokwelapha noma izitifiketi ezifanele. Izinsolo zikhomba ukuthi le mithi kungenzeka intshontshwe ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. Kuvela ukuthi abasolwa bazame ukugwazela amaphoyisa omgwaqo isamba semali engu-R100,000, ngenhloso yokubalekela ukuboshwa. Nokho, laba bahloli bame isibindi banqaba ukuthatha le mali, base bafaka nelinye icala elengeziwe lokuzama ukugwaza.
UNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha koMphakathi eLimpopo, uNksz Nakedi Kekana uncome amaphoyisa ngokulandela umthetho ngokungavumi ukuyengwa yinkohlakalo.
"Siyabahalalisela abahloli bethu uKhubana noNwendamutswu ngokukhombisa ukuzinikela, ubuqotho, nokuhlonipha umthetho. Isenzo sabo siyisibonelo esihle kakhulu kuyo yonke imisebenzi yezomthetho esifundazweni sethu," kusho uKekana.
Abasolwa baboshwe esiteshini saMaphoyisa saseMalamulele, lapho amacala abo evulwe ngokusemthethweni, kanti kulindeleke ukuthi bavele phambi kwenkantolo maduze nje.