JULY 6, 2025 USUKU LUKA OLUKHULU LUKA MKHWANAZI
Ngalolu suku, July 6, 2025 uLt General Nhlanhla Mkhwanazi wadedela amabhomu kwisithangami sabezindaba ekomkhulu lamaphoyisa eThekwini. Lesi sithangami saholela ekumisweni kwaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu. Asigcinanga lapho ngoba yisona futhi esaholela ekuvulweni kweKhomishana kaMadlanga kanjalo ne-Ad Hoc committee okuphenya ngenkohlakalo emaphoyiseni. Njengamanje baningi abantu abalahlekelwa umsebenzi abanye ababoshwayo ngenxa yamahlazo avela kwiKhomishini ngenxa yesithangami sabezindaba eseza noMkhwanazi. IMadlanga seyiya ngasekupheleni seyizohambisa umbiko kumengameli. Singajhohlwa futhi ukuthi iNingizimu Afrika seyazi amagama oCat Matlala, Brain Mogotsi, Feroz Khan nabanye abaningi ngenxa yesithangami sabezindaba eseza noMkhwanazi. Kubukeka besebaningi abasozogingqika ngenxa yaJuly 6, 2025.