ITATA TIAGO INHLE NGENKANI


ITATA TIAGO (1.2 XT MT)into engihlabe umxhwele kakhulu ngayo kube ubuhle bayo. Ingaphakathi layo lifudumele (comfortable) yize ithanda ukuba ncane uma uyibukela kude kodwa inakho konke ongakuthola ezimotweni ezinkulu. Uyayithola itouch screen, yakwa Harman ehambisana nama camera uma uhlehla, nokuyinto esiza kakhulu ekuvikeleni izingozi.

Ine Dashboard evulekile kanti uyakwazi nokufaka izinto eziningana kwi cubbyhole yayo. Ebusuku ikhanyisa kahle, uma ufuna ukukhanyisa okugqame kakhulu, uyakwenza ngaphandle kwenkinga. Lemoto njengoba ngike ngasho icomfortable kakhulu, abantu abane bahlala bakhululeke. 

EChina ithathwa njengemoto yomndeni kodwa ngingasho ngingananazi ukuthi lana eMzansi yinhle kakhulu uma uqala ukusebenza noma uthenga imoto okokuqala. Ngokwenani layo ikahle kakhulu njengoba iqala ku R184 900 kuya ku R224 000.
Uma uhola imali engu R7500 00 ungayithola lemoto kwazise ngenyanga uyakwazi ukuyikhokhela uR2500 ikakhulu uma ukhiphe ideposit ka 10% kanti uma uthenge usebenzisa ibaloon kuba no 40%.

Le ebengihamba ngayo beyibasanganisa abantu ngombala wayo, nawe uyazibonela. Okunye obekukuhle kakhulu ngalemoto, ayikho yimbi kuPetrol njengoba wazike ukuthi isimo sika petrol simbi kakhulu kulezi zinsuku. Kodwa ima ungumuntu we automatic vele ukhohlwe le iyashintshwa inamagiya angu 5.

Engingakuthandanga ukuthi uma uyivula ngemuva kumele usebenzise ukhiye, awukwazi ukuciphiza ibhathini kuvuleke ibhuthi.
Ngilithande kakhulu ingemuva kanjalo nengaphambili lalemoto.