ISIKHULU SE IEC SICACISA NGEMIFANISWANO YEZEPOLITIKI
LINDOKUHLE NGCOBO
ABAVOTI sebevumeleke ngokusemthethweni ukugqoka umfaniswano wezepolitiki ngosuku lokuvota. Lokhu kuqinisekiswe isikhulu esiphezulu se-IEC KwaZulu-Natal uNkk Ntombifuthi Masinga, engxoxweni ekhethekile neNews Avenue Media namuhla eWestville, eThekwini.
UMasinga uthi abantu baseNingizimu Afrika bakhaliphile, echaza indlela abavoti abawuvala ngayo umthetho owawuphikisana nokugqokwa komfaniswano wezombusazwe ngosuku lokhetho.
"Babuza umbuzo onzima othi: Ngenjenjani uma nginesikibha seqembu kuphela, ngingenayo enye into yokugqoka?" kusho uMasinga.
Eqhuba uthi ngenxa yaleso sizathu, i-IEC yakubona kufanele ukuba abavoti bavunyelwe ukugqoka lezi zimpahla.
Lokhu kuvela nje elakuleli libheke okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka 4 November 2026.
Ephetha uMasinga uveze ukuthi umvoti uzokwazi ukuvota kwiwadi ahlala kuyo nabhalise kuyona. Ingxoxo ephelele noMasinga izosakazwa ekhasini likaYouTube weNews Avenue Media maduze.