IMITSUBISHI DECINATOR IDLISELA EZINYE IZIMOTO OGAGENI
Kulezi zinsuku ezingu 7 ezedlule bengiphethe ubutsetse bemoto iMitsubishi Destinator.
Lemoto intofontofo okuhle ukuthi ungahamba ngayo noma ikuphi, imiphumela iyafana, obhuqwini noma etiyeleni.
Ngizithole ngivakashela kaNgizwe Mchunu, owayengumsakazi, osanda kushiselwa umuzi.
Umuzi kaNgizwe usemakhaya, eMbumbulu. Umgwaqo kuleya ndawo awakhiwe, usewubhuqu. Uma uhamba ngeMitsubhish awunankinga ezindaweni zalolu hlobo. Lemoto kuba sengathi iyazilawula, kwazise umgwaqo unemigodi kodwa awuyizwa uma uhamba ngayo.
Ngaphandle nje kokungabaza, lemoto ingeyomndeni futhi iphinde ibe yinhle kakhulu uma uzihambela nabangani, kwazise ihlala abantu abangu 7 iyi SUV.
IMitsubish isebenze kakhulu kule moto, ilwisana ngqo nezimoto ezifana no-Alcazar, Jetour X70 nabo Kia.
Njengoba igibeza abantu abangu 7, uyakwazi futhi ukulalisa izihlalo zangemuva uma ingagcwele, ufake igilosa, kungabi nankinga. Ukuyivula noma ukuyivala ngemuva, akuwona umsebenzi, okwakho ukuciphiza nje konke kuzenzakalele.
Izihlalo ezingemuva komshayeli ziphinde zikunike isikhala sokuthi uvule ilaptop uqhube umsebenzi libe luqhubeka uhambho. Phambili ino dashboard ovulekile, ne touch screen oyisebenzisayo ukuzidlalela umculo, iphinde ikusize uma uhlehla ngokuthi ikuvezele lapho ohlehlela khona. Lokhu kwenza ukuthi ungashayisi ngoba uthi bewungaboni. IScreen sivukekile ubona yonke into. Kuthi akufane noma uyivule phezulu, isibhakabhaka sivela kamnandi njengoba kunesikhala esikhulu.
Lemoto yinhle kakhulu. Njengoba sibhekene nesimo esinzima sokwenyuka kukaPetrol, udinga yona iMitsubishi Destinator ngoba ayiwubhubhudli nhlobo.
Lemoto uyakwazi ukuyikhokhela njalo ngenyanga uR7 150. Uyakwazi ukuyithola ngoR469 900 kuya kuR569 900. Okwakho nje ukuthi uxhumane negarage elithengisa lemoto, uzizwele ubumnandi noma ngabe ukuphi.