IHAVAL NONYANYAVU LWEMOTO YOMNDENI


NALU unyanyavu lwemoto iGWM Haval H6 4WD selufike kwacaca eNingizimu Afrika. Le moto enkulu (SUV) inenjini engu 2.0 litre nengu 1.5 litre. 

Le moto idonsa ngawo wonke amasondo, ifuqa ngamandla angu 155kW/325Nm. Lolu nyanyavu lushaya ngezokuphepha eziqinile ze-ADAS, okubalwa amakhamera angu 540 degree. Lawa makhamera asiza uma imoto ihamba emgwaqeni noma ihlehla epakini. 

I-GWM Haval H6 4WD iqala kwinani lika R574 500 kuyaphezulu i 2.0 T Luxury, kuthi i-1.5 T PHEV Hi4 iqale ku R749 900 kuyaphezulu. Akugcini lapho le moto inomzimba omuhle, ishaya ngamalambu asimanje manje. Lemonto yinhle kakhulu uma uzoyitholela umndeni njengoba ivuleke ngokwanele kanti ne boot yayo ikahle, ungakwazi nokugcwalisa ngisho igrocery ngaphandle kwenkinga.
Njengoba kuyaye kuthiwe alikho isoka elingenasici, nalo lolu nyanyavu, luhle nje kodwa liyawubhubhudla upetrol.