IFIKILE IHYNDAI STARIA IZAME NGEKE UZISOLE


Ngesonto eledlule ngihloniphe isimemo sakwa Hyndai, ebesingibizela eZimbali Country Club. UHyndai bewethula ngokusemthethweni izimoto ezimbili, okuyi Hyndai Staria kanjalo neHuyndai Creta. Kulolu shicilelo sizobheka iStaria, kolulandelayo sibheke iCreta. Angifuni ukukuxina ngolwazi oluningi ngesikhathi esisodwa.

Isikhulu esiphezuku sakwa Hyndai, uStanley usithathe wasibeka ngalezi zimoto. Ngemuva kwalokho sibe sesingena emgwaqeni, sahamba u 100 km singena koBhamshela, ukuze sikuzwe kahle lokhu obekuchazwa  uStanley.

 Njengokujwayelekile uma kwethulwa  imoto entsha niyaye nihambe ngababili, ukuze nishintshane endleleni.

IStaria uma uyibukela kude ungayeya, iningi labantu beliyibiza ngamagama amabi ngoba becabanga ukuthi imoto ebhedayo. Kodwa ukuthengisa kwayo kukubeka ngokusobala ukuthi imoto yangempela le.  IStaria, sithengise 7.600 ngesikhathi siphuma. Okusho khona ukuthi abantu basithandile.

Le ephumile uma uyiqhathanisa nedlule uyabona le ukuthi izinga liphezulu kakhulu.  Intofontofo phakathi, iphethe ama leather seat, kungagcini lapho izihlalo zakhona uyakwazi ukuzenza zishise, ezangemuva kwi row yokuqala ungaziphendula zibheke emuva uma uthanda.

 Iphinde ibe nama Sun Roof amabili. Ikwazi ukugibeza abantu abangu-9 ngebhadi ibooty yayo incane kakhulu, ikakhulu uma nizothatha uhambo ngesikhathi samaholi. Kungenzeka nigcine senizifaka ngaphansi kwama seat izikhwama.

Ikhona itouch screen ewusizo kakhulu uma kungukuthi uyahlehla. Uma ungazijwayele kahle izimoto zohlobo oluphambili ungathwala kanzima uma ufuna igiya lale moto. Litholakala la kuma indicators. Akulula ukulithola ungaze uyidube ngempela imoto. 

Yize singalitholanga ithuba lokuthela petrol kwazise wawuvele ugcwele kodwa uStanley uma echaza ngeStaria uyakuveza ukuthi ayiyimbhi ku petrol.

Okuphinde kube kuhle ngale moto, yize kuyikhumbi kodwa anihluphani kakhulu ngezindawo zoku charger, akudingi ukuthi nilokhu nicela kumshayeli ngoba zikhona nangemuva.  Inawo amandla uyayizwa lapho kwenyukela khona ukuthi ayikhathali. 

Ngiyazi uyazibuza ukuthi, iyimalini.
Yona ayibizi kakhulu ima uyiqhathanisa nezinye, iqala kuR719 900 iye kuR1 324 900. Uqedile.