BAZINIKELE EMAPHOYISENI NGELOKUNTSHONTSHA IZIMPONDO ZIKABHEJANE
LINDOKUHLE NGCOBO
BAKHALELWE amasongo kasigonyela abasolwa abangu-6 ngecala lokuntshontsha izimpondo zikabhejane.
Abesilisa abahlanu abaphakathi kweminyaka engu-49 kuya kwengu-84 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-60 ubudala baboshwe namuhla esiteshini samaphoyisa eSunnyside, ePretoria.
Kuvela ukuthi abasolwa bazinikele emaphoyiseni ophiko loKlebe aphenya ngaleli cala kusukela ngonyaka ka-2017.
Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi kukhona inkohlakalo eyenziwa ngaphansi koMnyango wezaMahlathi, EzokuDoba kofishi nezeMvelo, okusolakala ukuthi abasolwa bafaka isicelo sokuthenga nokudayisa izimpondo zikabhejane kuleli kodwa bathola imvumo yokudayisa eSouth East Asia ngokungekho emthethweni.
Le mvume ewumbombayi iveza ukuthi kudayiswa izimpondo zikabhejane ezingu-964 ngemali engaphezulu kuka-R1 million.
Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele namuhla mhlaka 19 August 2025, eNkantolo yeMantshi ePretoria, lapho bezobhekana necala lenkohlakalo, ukweba nokuphula umthetho weNEMBA (Contravention of National Environmental Management Biodiversity).