Isigungu esiphezulu(NEC) kwiSAFA, sikhethe uPitso Mosimane njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana. Lolu hlelo luvunywe ngokusemthethweni emhlanganweni we-NEC obubanjwe namhlanje e-SAFA House, eGoli.
UMosimane, ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwa kakhulu ezwenikazi i-Afrika, ubuyela esikhundleni sokuhola iqembu lesizwe kulandela ukwesula kukaHugo Broos ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Uthe uMengameli weSAFA, uDkt Danny Jordaan iNEC ikwamukele ukuqashwa kukaMosimane kwiBafana kodwa kusamele kuphothulwe imininingwane emincane yokugcina yenkontileka.
"Isimemezelo esisemthethweni sizokwenziwa ngesonto elizayo," kubeka uDkt Jordaan
IBafana ithatha lo mqeqeshi omusha isesimeni esihle kakhulu emva kokubuya emidlalweni yeNdebe yoMhlaba (FIFA World Cup 2026). Kulo mqhudelwano, leli qembu lesizwe ladlulela kowomkhumulajezi ngokunqoba umdlalo wayo ngo 1-0 lehlula i-South Korea eMonterrey, eMexico, ngegoli elashaywa nguThapelo Maseko. Lokhu kwenze iqembu langena emzuliswaneni wesibili okokuqala ngqa emlandweni walo.
Ngaphandle kodaba lomqeqeshi, lo mhlangano ububheke namalungiselelo oKhetho lweSAFA (SAFA Elective Congress) oluzoba mhlaka 12 Septhemba 2026. Amafayela abaqokiwe aseyiswe ku-Governance Committee ukuze kubhekwe amagama alabo abazoncintisana ngezikhundla.
IBanyana Banyana Ibhekene Nempi Yokungena Kwi-World Cup namhlanje.
Khonamanjalo, uDkt Jordaan unqwenelele inhlanhla iqembu lesizwe labesifazane, iSasol Banyana Banyana, elizodlala umdlalo obalulekile we-quarterfinal we-WAFCON 2026 neMorocco namhlanje ebusuku ngo-22h00 (ngesikhathi saseNingizimu Afrika).
Lo mdlalo obanjelwe eMoulay el Hassan Stadium, eRabat ungomunye obaluleke kakhulu, njengoba iqembu elizowunqoba lizothola ithikithi lokuya emidlalweni ye-FIFA Women's World Cup 2027 ezoba seBrazil.
UJordaan ukhumbuze nabo bonke abantu ukuthi kusasa wuSuku Lwabesifazane (Women's Day) eNingizimu Afrika, efisela leli qembu impumelelo nodumo olukhulu.